1.ifembo=umuthi oletha inhlanhla ngenkani
2.nhlanhlemhlophe=umuthi owenza ubenenhlanhla izinto zakho zikhanye
3.umavula kuvaliwe=umuthi ovula konke okwakho okwavalwa negama liyazisho
4.uqhume/umfazothethayo=lomuthi lona wenza imithi yakho ibenamandla futh uphinde ulekelele ekuvuleni amaphupho akho uphinde uqhumise inhlanhla ize ngobuningi.
5.ivulandlela=lomuthi uvula izindlela zakho zikhanye zithi bhaa kuze kuthiwa uthwele
6.uvuma omhlophe=wenza izinto zakho zivume kanye nabantu bakuvumele kokushoyo
7.nqangendlela=umuthi owenza ukuth into uyitholekalula ngoba ngoba kuthiwa nqangendlela kuchaza ukuth inhlanhla uyithola uzihambela nje endleleni
8.hlunguhlungu=umuthi ohlunga eminyimithi ukuthi yenze kahle lento osuke uyifuna
9.iletha elimhlophe=umuthi onamandla ekuletheni inhlanhla kodwa uyakuletha nokubi kufuna wena uwutshele ukuthi ufunani kuwo
10.ndwendweni=umuthi odonsa ngamandla yonkindawo into oyifunayo uphinde ubenamandla ekwakheni ugazi kubantu udonse nenhlanhla kakhulu
11.umhawukelwa=umuthi owenza abantu bakuhawukele nentombi muyeshela ivele ikuhawukele negama liyazisho
Yenza njenake thola yonke lemithi wenze isihlanzi esimhlophe
Uphalaza ngawo ubanda uyawucwilisa sokha emanzini abandayo ngayizolo uvuke ngakusasa uphalaze 7Days
No comments:
Post a Comment